Kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova; futhi uzindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.
AmaHubo 119:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho. IsiZulu 2020 Ngizothokoza ngezimiso zakho; angiyukulikhohlwa izwi lakho. |
Kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova; futhi uzindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.
RESH. Bheka ukuhlupheka kwami, ungisindise, ngokuba angikhohlwa umthetho wakho.
Ngidukile njengemvu elahlekile; funa inceku yakho; ngoba kangiyikhohlwa imithetho yakho.
Inhliziyo yabo ikhuluphele njengamanoni; kepha mina ngiyathokoza ngomthetho wakho.
Umusa wakho mawuze phezu kwami, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami.
Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami; yebo, umthetho wakho usenhliziyweni yami.
Kuyinjabulo kolungileyo ukwenza okulungileyo, kodwa abenza okubi bazakuba yimbubhiso.
Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami; kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami.
Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; izwi lakho laba yintokozo kimi nentokozo yenhliziyo yami, ngokuba igama lakho labizwa phezu kwami, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.