U-Isaka waphuma sekuhlwile ukuyozindla ensimini; waphakamisa amehlo akhe, wabona, amakamela ayesiza.
AmaHubo 119:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakuzindla ngemiyalo yakho, ngihloniphe izindlela zakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho, ngihloniphe izindlela zakho. IsiZulu 2020 Ngizozindla ngeziyalezo zakho, ngizihloniphe izindlela zakho. |
U-Isaka waphuma sekuhlwile ukuyozindla ensimini; waphakamisa amehlo akhe, wabona, amakamela ayesiza.
Kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova; futhi uzindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.
Ngiyakuphakamisela izandla zami emiyalweni yakho engiyithandayo; ngiyakuzindla ngezimiso zakho.
Abazidlayo mabajabhe; ngokuba bangiphathe kabi ngeze, kepha ngiyakuqaphela imiyalo yakho.
MEM. O, yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! lokhu kungukuzindla kwami usuku lonke.
Ngiyaqonda kunabo bonke abafundisi bami, ngokuba izifakazelo zakho ziyikuzindla kwami.
Kepha obheka emthethweni opheleleyo wenkululeko, aqhubeke kuwo, engesiye ozwayo okhohlwayo, kodwa umenzi womsebenzi, lowo uyakuba-busisiwe ekwenzeni kwakhe.