AmaHubo 119:142 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ukwahlulela kwakho kungukulunga kwaphakade, nomthetho wakho uyiqiniso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso. IsiZulu 2020 Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso. |
Ukumesaba uJehova kuhlanzekile, kumi phakade; izahlulelo zikaJehova ziqinisile futhi zilungile.
Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu; Ukwahlulela kwakho kungukujula okukhulu; O Jehova, uvikela abantu nezilwane.
Phakamiselani amehlo enu emazulwini, nibheke emhlabeni phansi, ngokuba amazulu ayoshabalala njengomusi, nomhlaba uyoguga njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe kanjalo; kepha insindiso yami iyoba phakade, nokulunga kwami akuyikuchithwa.
Ngokuba inundu liyakubadla njengengubo, nempethu iyobadla njengoboya bezimvu; kepha ukulunga kwami kuyakuma phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.
Amasonto angamashumi ayisikhombisa amiselwe phezu kwabantu bakini naphezu komuzi wakho ongcwele ukuba afeze isiphambeko, aphelelise izono, enze ukubuyisana ngobubi, angenise ukulunga okuphakade, anamathelise umbono nesiprofetho, agcobe ibandla. Ngcwelengcwele.