AmaHubo 119:130 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ukufakwa kwamazwi akho kuyakhanyisa; kunikeza ukuqonda kwabangenalwazi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi. IsiZulu 2020 Ukwambulwa kwamazwi akho kunika ukukhanya, kuyabaqondisa abangenalwazi. |
Ngiqondise, ngigcine umthetho wakho; yebo, ngizoyigcina ngenhliziyo yami yonke.
Umthetho kaJehova uphelele, uvuselela umphefumulo; ubufakazi bukaJehova buqinisile, buhlakaniphisa abangenalwazi.
Izimiso zikaJehova zilungile, zijabulisa inhliziyo; umyalo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo.
Ngokuba umyalo uyisibani; futhi umthetho ungukukhanya; nokusola kokufundisa kuyindlela yokuphila;
Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.
Ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.
okukubo unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabangakholwayo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.
Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu.
Silalo futhi ilizwi lesiprofetho eliqiniseke kakhulu; enikwenza kahle ngokukuqaphela njengokukhanya okukhanya endaweni emnyama, kuze kuse, nekhwezi liphume ezinhliziyweni zenu;