lapho isibane sakhe sikhanyisa ekhanda lami, nalapho ngidabula ebumnyameni ngokukhanya kwakhe;
AmaHubo 119:105 - Contemporary Zulu Bible 2024 MANJE. Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami. IsiZulu 2020 Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami. |
lapho isibane sakhe sikhanyisa ekhanda lami, nalapho ngidabula ebumnyameni ngokukhanya kwakhe;
Ngokuba wena uyakukhanyisa isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakukhanyisa ubumnyama bami.
Izimiso zikaJehova zilungile, zijabulisa inhliziyo; umyalo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo.
Thumela ukukhanya kwakho neqiniso lakho; mabangiqondise; mabangiyise entabeni yakho engcwele nasematendeni akho.
Ngokuba umyalo uyisibani; futhi umthetho ungukukhanya; nokusola kokufundisa kuyindlela yokuphila;
Kodwa konke okusolwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngoba konke okubonakaliswayo kungukukhanya.
Silalo futhi ilizwi lesiprofetho eliqiniseke kakhulu; enikwenza kahle ngokukuqaphela njengokukhanya okukhanya endaweni emnyama, kuze kuse, nekhwezi liphume ezinhliziyweni zenu;