AmaHubo 118:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izwi lenjabulo nelosindiso lisezindlini zabalungileyo: esokunene sikaJehova senza amandla amakhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisezindlini zabalungileyo; esokunene sikaJehova senza okwamandla. IsiZulu 2020 Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisemathendeni abaqotho, isandla sokunene sikaSimakade sigile izimanga. |
Ngidle ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kungukuthokoza kwenhliziyo yami.
Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke eniqotho ngenhliziyo.
Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kepha isandla sakho sokunene nengalo yakho nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawunomusa kubo.
Ukhwele ebukhosini bakho, uphumelele ngenxa yeqiniso, nobumnene, nokulunga; isandla sakho sokunene sizakufundisa izinto ezesabekayo.
Kodwa abalungileyo kathokoze; mabajabule phambi kukaNkulunkulu, yebo, mabajabule kakhulu.
Unengalo enamandla, isandla sakho sinamandla, isandla sakho sokunene siphakeme.
Ihubo. Hlabelelani kuJehova ihubo elisha; ngokuba wenze izimangaliso: isandla sakhe sokunene nengalo yakhe engcwele kumnike ukunqoba.
Isandla sakho sokunene, Nkosi, sikhazimula ngamandla; Isandla sakho sokunene, Nkosi, sachoboza izitha.
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, izinceku zami ziyakudla, kepha nina niyakulamba; bhekani, izinceku zami ziyakuphuza, kepha nina niyokoma; bhekani, izinceku zami ziyakujabula, kepha nina niyakuba namahloni.
Wenzile amandla ngengalo yakhe; ubachithile abazidlayo ekucabangeni kwezinhliziyo zabo.
Wabangenisa endlini yakhe, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.
Kumelwe ujabule phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena namadodana akho namadodakazi akho nezinceku zakho nezincekukazi zakho nomLevi osemasangweni akho; ngoba akanasabelo nafa kanye nawe.
Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo.