AmaHubo 118:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wangishaya kabuhlungu ukuze ngiwe, kodwa uJehova wangisiza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bayangihlohloloza ukuba ngiwe, kepha uJehova uyangisiza. IsiZulu 2020 Ungihlohlolozile ukuze ngiwe, kodwa uSimakade uyangisiza. |
Ngisindise, Jehova, esandleni sababi; ngivikele kumcindezeli; ababehlose ukuketula ukuhamba kwami.
Ngitshengiseni isibonakaliso sokuhle; ukuze abangizondayo babone, bajabhe, ngokuba wena Jehova ungithembile, ungiduduzile.
Ungathokozi ngami, sitha sami; uma ngiwa, ngiyakuvuka; uma ngihlezi ebumnyameni, uJehova uyakuba ngukukhanya kimi.
Ngakho lokhu abantwana bahlanganyela igazi lenyama, laye uqobo wahlanganyela khona lokho; ukuze ngokufa ambhubhise lowo owayenamandla okufa, okungukuthi, uSathane;
UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi impela ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; wathi: “UJonathani makangakwazi lokho, funa abe lusizi; kodwa kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, kukhona isinyathelo esisodwa phakathi kwami nokufa.
Kodwa umuntu wasukuma ukukuxotsha lokudinga umphefumulo wakho; kepha umphefumulo wenkosi yami uyakuboshelwa emshungwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho; nemiphefumulo yezitha zakho iyoyiphonsa kungathi iphakathi kwendwayimana.