Kodwa amadodana kaBheliyali wonke azakuba njengameva aqhutshelwa khatshana, ngoba awanakubanjwa ngezandla.
AmaHubo 118:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Zangihaqa njengezinyosi; bayacinywa njengomlilo wameva, ngokuba ngegama likaJehova ngiyakubabhubhisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bayangibunganyela njengezinyosi, bacimeka njengomlilo wameva; egameni likaJehova ngiyakubachitha. IsiZulu 2020 Zingibunganyele njengezinyosi, zizocinywa njengomlilo wameva; egameni likaSimakade ngizozibhubhisa. |
Kodwa amadodana kaBheliyali wonke azakuba njengameva aqhutshelwa khatshana, ngoba awanakubanjwa ngezandla.
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. UJehova uyakukuzwa ngosuku losizi; igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele;
Siyakuthokoza ngensindiso yakho, siphakamise izindinganiso zethu egameni likaNkulunkulu wethu; uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho.
Izimbiza zenu zingakawezwa ameva, iyakuwasusa kungathi ngesivunguvungu, iphila nangokufutheka kwayo.
Ngokuba njengokuqhuqhumba kwameva ngaphansi kwekhanzi, kunjalo ukuhleka kwesiwula; nalokho kuyize.
Izizwe ziyakuba njengomcako oshisiweyo; njengameva agawuliweyo, bayakushiswa ngomlilo.
Ngoba lapho bebotshwe ndawonye njengameva, futhi lapho bedakwe njengezidakwa, bayoqedwa njengamabibi ome ngokuphelele.
Ama-Amori ahlala kuleyo ntaba aphuma anihlangabeza, anixosha, njengokwenza kwezinyosi, anichitha eSeyiri kwaze kwaba seHorma.
UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nesihlangu; kepha mina ngiza kuwe egameni likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu Sebawoti ka-Israyeli.