Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 116:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni, amehlo ami ezinyembezini, nezinyawo zami ekuweni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Yebo, ukhululile umphefumulo wami ekufeni, amehlo ami ezinyembezini, nezinyawo zami ekuweni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Impela uwuhlengile umphefumulo wami ekufeni, namehlo ami, ezinyembezini, nezinyawo zami, ekukhubekeni.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 116:8
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Noma ewa, akayikuwa phansi nesiqalekiso, ngokuba uJehova uyamsekela ngesandla sakhe.


Kodwa uNkulunkulu uzakhulula umphefumulo wami emandleni eHayidesi, ngoba yena uzangamukela. Sela.


Ngokuba uwusindisile umphefumulo wami ekufeni; Awuyikukhulula izinyawo zami ekuweni, ukuze ngihambe phambi kukaNkulunkulu ekukhanyeni kwabaphilayo na?


Ngokuba umusa wakho mkhulu kimi, uwukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo.


Lapho ngithi: Unyawo lwami luyashelela; Umusa wakho, Jehova, ungiphasile.


Uyakushwabadela ukufa ngokunqoba; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke; futhi usongo lwabantu bayo iyoyisusa emhlabeni wonke, ngoba uJehova ukukhulumile.


Hamba uthi kuHezekiya: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.


UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.


Ngokuba iWundlu eliphakathi kwesihlalo sobukhosi liyakubalusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila;


Izinhloli zabona umuntu ephuma emzini, zathi kuye: “Sibonise indlela yokungena emzini, siyakukwenzela umusa.”