Noma ewa, akayikuwa phansi nesiqalekiso, ngokuba uJehova uyamsekela ngesandla sakhe.
AmaHubo 116:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni, amehlo ami ezinyembezini, nezinyawo zami ekuweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yebo, ukhululile umphefumulo wami ekufeni, amehlo ami ezinyembezini, nezinyawo zami ekuweni. IsiZulu 2020 Impela uwuhlengile umphefumulo wami ekufeni, namehlo ami, ezinyembezini, nezinyawo zami, ekukhubekeni. |
Noma ewa, akayikuwa phansi nesiqalekiso, ngokuba uJehova uyamsekela ngesandla sakhe.
Kodwa uNkulunkulu uzakhulula umphefumulo wami emandleni eHayidesi, ngoba yena uzangamukela. Sela.
Ngokuba uwusindisile umphefumulo wami ekufeni; Awuyikukhulula izinyawo zami ekuweni, ukuze ngihambe phambi kukaNkulunkulu ekukhanyeni kwabaphilayo na?
Ngokuba umusa wakho mkhulu kimi, uwukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo.
Uyakushwabadela ukufa ngokunqoba; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke; futhi usongo lwabantu bayo iyoyisusa emhlabeni wonke, ngoba uJehova ukukhulumile.
Hamba uthi kuHezekiya: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.
UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.
Ngokuba iWundlu eliphakathi kwesihlalo sobukhosi liyakubalusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila;
Izinhloli zabona umuntu ephuma emzini, zathi kuye: “Sibonise indlela yokungena emzini, siyakukwenzela umusa.”