Izinhlungu zokufa zangizungeza, nezinhlungu zaseHayidese zangibamba; Ngathola ukucindezeleka nokudabuka.
Izintambo zokufa zangizungeza, nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba; ngafumana ukuhlupheka nosizi.
Izintambo zokufa zingithandele, nobuhlungu bendawo yabafileyo bungibambile, ngibhekene nosizi nezinhlupheko.
Ngikhathazekile; Ngithobeke kakhulu; Ngizolila usuku lonke.
Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.
Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;