Bheka, akabethembi abangcwele bakhe; yebo, izulu alihlanzekile phambi kwamehlo akhe.
AmaHubo 113:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 ozithobayo ukuze abone okusezulwini lasemhlabeni! IBHAYIBHELI ELINGCWELE ozithoba ukubona ezulwini nasemhlabeni, na? IsiZulu 2020 ozithobayo, abone ezulwini nasemhlabeni na? |
Bheka, akabethembi abangcwele bakhe; yebo, izulu alihlanzekile phambi kwamehlo akhe.
UJehova usethempelini lakhe elingcwele, isihlalo sobukhosi sikaJehova sisezulwini; amehlo akhe ayabona, izinkophe zakhe ziyabahlola abantwana babantu.
Lanxa uJehova ephakeme, uyababona abathobekileyo, kodwa abazigqajayo uyabazi ekhatshana.
Ngokuba usho kanje oPhezukonke, ohlala phakade, ogama lakhe lingcwele; ngihlala phezulu nasendlini engcwele, ngikanye nabadabukileyo komoya othobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, ngivuselele inhliziyo yabadabukileyo.
Phezu kwalo kwakumi amaserafi, yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili yamboza ubuso bayo, nangamabili yamboza izinyawo zayo, nangamabili yandiza.
Ngokuba zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, futhi zonke lezi zinto zenzekile, kusho uJehova; kepha lo ngiyakumbheka ompofu nobuthakathaka emoyeni, othuthumela ngezwi lami.