Ngayala amaLevi ukuba azihlanze futhi eze alinde amasango ukuze angcwelise usuku lwesabatha. Ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungihawukele ngokobukhulu bomusa wakho.
AmaHubo 112:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Impela akayikuzanyazanyiswa kuze kube phakade; olungileyo uyakuba sesikhumbuzini esiphakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade; olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade. IsiZulu 2020 Akayukunyakaziswa kuze kube phakade, olungileyo uyohlala ekhunjulwa kuze kube phakade. |
Ngayala amaLevi ukuba azihlanze futhi eze alinde amasango ukuze angcwelise usuku lwesabatha. Ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungihawukele ngokobukhulu bomusa wakho.
nomnikelo wezinkuni ngezikhathi ezimisiweyo nowolibo. O Nkulunkulu wami, ngicabangele okuhle.
(IsiHlabelelo seziHlabelelo.) Abamethembayo uJehova bayakuba njengentaba yaseSiyoni enganyakazi kepha imi phakade.
Ongayisebenzisi imali yakhe ekuzuzeni inzalo, ongathathi nzuzo kongenacala. Owenza lezi zinto akasoze antengantenga.
Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, uzakukuphasa; Akasoze avumela olungileyo antengantenge.
Kepha wena, Nkulunkulu, uyakubahlisela egodini lokubhujiswa; kepha mina ngiyakwethemba wena.
Yena yedwa uyidwala lami nensindiso yami; uyisivikelo sami; Ngeke nginyakazeke kakhulu.
Yena yedwa uyidwala lami nensindiso yami; uyisiphephelo sami; ngeke nginyakaze.
Ngokuba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nomshikashika wothando enalubonakalisa kulo igama lakhe, ngokukhonza abangcwele, nisabakhonza.