Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 112:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

Impela akayikuzanyazanyiswa kuze kube phakade; olungileyo uyakuba sesikhumbuzini esiphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade; olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Akayukunyakaziswa kuze kube phakade, olungileyo uyohlala ekhunjulwa kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 112:6
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngayala amaLevi ukuba azihlanze futhi eze alinde amasango ukuze angcwelise usuku lwesabatha. Ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungihawukele ngokobukhulu bomusa wakho.


nomnikelo wezinkuni ngezikhathi ezimisiweyo nowolibo. O Nkulunkulu wami, ngicabangele okuhle.


(IsiHlabelelo seziHlabelelo.) Abamethembayo uJehova bayakuba njengentaba yaseSiyoni enganyakazi kepha imi phakade.


Ongayisebenzisi imali yakhe ekuzuzeni inzalo, ongathathi nzuzo kongenacala. Owenza lezi zinto akasoze antengantenga.


Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, uzakukuphasa; Akasoze avumela olungileyo antengantenge.


Kepha wena, Nkulunkulu, uyakubahlisela egodini lokubhujiswa; kepha mina ngiyakwethemba wena.


Yena yedwa uyidwala lami nensindiso yami; uyisivikelo sami; Ngeke nginyakazeke kakhulu.


Yena yedwa uyidwala lami nensindiso yami; uyisiphephelo sami; ngeke nginyakaze.


Olungileyo kasoze antengantenge, kodwa ababi kabayikuhlala emhlabeni.


Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisiwe, kodwa ibizo lababi lizabola.


Ngokuba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nomshikashika wothando enalubonakalisa kulo igama lakhe, ngokukhonza abangcwele, nisabakhonza.