AmaHubo 108:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakukubonga, Jehova, phakathi kwezizwe, ngikudumise phakathi kwezizwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngizakukubonga phakathi kwabantu, Jehova, ngikudumise phakathi kwezizwe. IsiZulu 2020 Simakade ngizokubonga phakathi kwabantu, ngikudumise phakathi kwezizwe, |
Yonke imikhawulo yomhlaba iyokukhumbula futhi iphendukele kuJehova, futhi yonke imindeni yezizwe iyakukhuleka phambi kwakho.
Yishoni phakathi kwezizwe ukuthi uJehova uyinkosi; Uzakwahlulela izizwe ngokulunga.
Hlabelela, ndodakazi yaseZiyoni! jabula, Israyeli! jabula, uthokoze ngenhliziyo yakho yonke, ndodakazi yaseJerusalema.
Ngaleso sikhathi ngiyakunibuyisela emuva, ngesikhathi enginibuthela ngaso; ngokuba ngiyakunenza igama nendumiso phakathi kwabantu bonke bomhlaba, lapho ngiguqula ukuthunjwa kwenu phambi kwamehlo enu,” usho uJehova.