Ngubani ozangingenisa emzini oqinileyo? ngubani ongangiyisa kwa-Edomi na?
Ngubani oyakungiyisa emzini oyinqaba na? Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?
Kumholi wokuhlabelela eShushaneduti, uMikitamu kaDavide, ukuba afundise, lapho ebambana ne-Aramuna-Haraimi ne-Aramusoba, ekubuyeni kukaJowabe, wabulala kwa-Edomi esiGodini Sikasawoti abayizinkulungwane eziyishumi nambili. O Nkulunkulu, usilahlile! Wasihlakaza, Wathukuthela; O Ziphendulele kithi futhi.