AmaHubo 107:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho wehlisela kalukhuni izinhliziyo zabo; bawa, akwabakho osizayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathobisa inhliziyo yabo ngokuhlupheka; bawa kungekho osizayo. IsiZulu 2020 Inhliziyo yabo wayithobisa ngokuhlupheka, bawa, kepha akubanga bikho obasizayo. |
Esakhuluma nabo, kwafika isithunywa kuye, sathi: “Bheka, lobu bubi buvela kuJehova; ngisalindeni uJehova na?
Futhi inika amakhosi isivuno esikhulu owawabeka phezu kwethu ngenxa yezono zethu; futhi bayabusa phezu kwemizimba yethu nezinkomo zethu njengokuthanda kwabo, futhi sisekuhluphekeni okukhulu.
Uma uNkulunkulu engakunqandi ukuthukuthela kwakhe, abasizi abaziqhenyayo bakhothama phansi kwakhe.
Ngabheka ngakwesokunene sami, ngabona, kepha kwakungekho muntu ongangazi; akakho onakekela umphefumulo wami.
Kwathi ngokuhamba kwesikhathi inkosi yaseGibhithe yafa, abantwana bakoIsrayeli babubula ngenxa yobugqili, bakhala inyembezi, bakhala kuNkulunkulu ngobugqili.
Kodwa ngizawunikela esandleni sabacindezelayo; abathi emphefumulweni wakho: Khothama, ukuze siwele; wabeka umzimba wakho njengomhlaba nanjengendlela yabadlulayo.
Manje, nginantoni lapha, kusho uJehova, ukuthi abantu bami bathathwe ngeze? ababusa phezu kwabo mabakhale,” usho uJehova; negama lami lihlanjalazwa njalo imihla ngemihla.
Ngabheka, kepha kwakungekho osizayo; futhi ngamangala ukuthi kwakungekho muntu owayengasekela; ngalokho ingalo yami yangilethela insindiso; futhi ukudabuka kwami, kwangisekela.
AmaFilisti amthatha, amkhipha amehlo, amyisa eGaza, ambopha ngamaketanga ethusi; waphela amandla etilongweni.
USamsoni wasesithi: Ake ngife lamaFilisti. Wakhothama ngamandla akhe onke; indlu yawela phezu kwezikhulu naphezu kwabo bonke abantu ababe kuyo. Ngakho abafileyo ababulala ekufeni kwakhe babe baningi kunalabo ababulala esaphila.