UNkulunkulu wamkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezazinaye emkhunjini;
AmaHubo 104:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngaphambi kokusola kwakho abaleka; ngezwi lokuduma kwakho zashesha zasuka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka. IsiZulu 2020 Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka. |
UNkulunkulu wamkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezazinaye emkhunjini;
Futhi wayikhuza iSchelfsee, futhi yoma; wabahola ekujuleni kungathi badabula ugwadule.
Kwase kubonakala imifula yamanzi, nezisekelo zomhlaba zambulwa ngokusola kwakho, Jehova, ngokufutha komoya wekhala lakho.
Izwi lokuduma kwakho lalisezulwini; umbani wakhanyisa izwe, umhlaba wazamazama, wazamazama.
Wasevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: Thula, uthi cwaka. Umoya wanqamuka, kwaba khona ukuthula okukhulu.