Kwathi besakhuluma, kwabonakala inqola yomlilo namahhashi omlilo, kwabadabula bobabili; u-Eliya wenyukela ezulwini ngesivunguvungu.
AmaHubo 104:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya; izinceku zakhe umlilo ovutha amalangabi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE owenza izingelosi zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo. IsiZulu 2020 wenza umoya ube yizithunywa zakhe, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo. |
Kwathi besakhuluma, kwabonakala inqola yomlilo namahhashi omlilo, kwabadabula bobabili; u-Eliya wenyukela ezulwini ngesivunguvungu.
U-Elisa wakhuleka wathi: “Nkosi, vula amehlo akhe ukuba abone.” UJehova wawavula amehlo ensizwa; wabheka, bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zika-Elisha.
Ngokuqondene nesimo sezidalwa eziphilayo, ukubonakala kwazo kwakunjengamalahle omlilo avuthayo nokubonakala kwezibani; umlilo wawukhazimula, nombani uphuma emlilweni.
Yasiphendula ingilosi, yathi kimi: Lezi ziyimimoya emine yezulu ephuma ukuma phambi kweNkosi yomhlaba wonke.
Ngokuba abaSadusi bathi akukho ukuvuka kwabafileyo, nangelosi, namoya, kepha abaFarisi bakuvuma kokubili.
Azisibo yini zonke omoya abakhonzayo, abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakuba yizindlalifa zensindiso na?
Nangezingelosi uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, nezikhonzi zakhe amalangabi omlilo.