UNkulunkulu wababusisa, wathi kubo: Zalani, nande, nihlale emhlabeni, niwulime. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.
AmaHubo 104:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lunjalo lolu lwandle olukhulu nolubanzi, okukhona kulo izilwane ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, ezincane nezinkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nantu ulwandle, lukhulu, lubanzi; lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu. IsiZulu 2020 Bheka nje ulwandle, lukhulu, lubanzi, kulo kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu. |
UNkulunkulu wababusisa, wathi kubo: Zalani, nande, nihlale emhlabeni, niwulime. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.
Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yasisithi kowesifazana: Yebo, uNkulunkulu wathi: Lingadli kuyo yonke imithi yensimu?
Bayobizela abantu entabeni; lapho bayakunikela ngemihlatshelo yokulunga, ngokuba bayoncela inala yolwandle nengcebo efihlwe esihlabathini.