wazisa kubo isabatha lakho elingcwele, wabayala ngeziyalezo, nezimiso, nemithetho ngesandla sikaMose inceku yakho.
AmaHubo 103:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wamazisa uMose izindlela zakhe, nezenzo zakhe kubantwana bakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe. IsiZulu 2020 Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantu bakwa-Israyeli, izenzo zakhe. |
wazisa kubo isabatha lakho elingcwele, wabayala ngeziyalezo, nezimiso, nemithetho ngesandla sikaMose inceku yakho.
Ngokuba wamisa ubufakazi kuJakobe, wamisa umthetho kwa-Israyeli, awuyala obaba ukuba bawazise abantwana babo.
UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba, uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka.
Bonke abantu baphendula kanyekanye bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza.” UMose wabuyisela amazwi abantu kuJehova.
Abantu bema kude, uMose wasondela ebumnyameni obukhulu lapho uNkulunkulu ekhona.
Uma manje ngifumene umusa emehlweni akho, ngibonise indlela yakho, ukuze ngikwazi, ukuze ngithole umusa emehlweni akho; futhi uqaphele ukuthi lesi sizwe singabantu bakho.
Kusukela ngaleso sikhathi akuvelanga mprofethi kwa-Israyeli njengoMose owamazi uJehova ubuso nobuso;