Ihubo likaDavide. Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.
AmaHubo 103:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bongani uJehova nina misebenzi yakhe yonke ezindaweni zonke zombuso wakhe; dumisa uJehova, mphefumulo wami! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bongani uJehova nina misebenzi yakhe yonke ezindaweni zonke zombuso wakhe. Mbonge uJehova, mphefumulo wami. IsiZulu 2020 Bongani uSimakade, nina misebenzi yakhe yonke ezindaweni zonke zombuso wakhe. Mbonge uSimakade, mphefumulo wami. |
Ihubo likaDavide. Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.
Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu kakhulu; wembethe udumo nobukhosi.
Izoni maziqedwe emhlabeni, kungabe kusaba khona ababi. Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Dumisani uJehova.
Umlomo wami uyakumemezela udumo lukaJehova, inyama yonke ilidumise igama lakhe elingcwele kuze kube phakade naphakade.
Dumisani uJehova. Dumisani uJehova ezulwini, nimdumise ezindaweni eziphakemeyo.
Izilwane zasendle ziyakungidumisa, izimpungushe nezikhova, ngokuba ngiyakuphuzisa abantu bami abakhethiweyo bami amanzi ehlane nemifula ehlane.
Hlabelelani nina mazulu! ngokuba uJehova ukwenzile; thokozani nina zingxenye eziphansi zomhlaba. Jabulani nina zintaba, hlathi, nemithi yonke ekulo, ngokuba uJehova umhlengile uJakobe, wamkhazimulisa kwa-Israyeli.
Hlabelelani nina mazulu! futhi jabula, O mhlaba! niqhume ngokujabula, zintaba; ngokuba uJehova wabaduduza abantu bakhe, waba nomusa kwabampofu bakhe.