UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ohlezi phakathi kwamakherubi, wena wedwa unguNkulunkulu wemibuso yonke yomhlaba; Wenze izulu nomhlaba.
AmaHubo 102:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ziyakubhubha, kepha wena uyakuma; yebo, bonke bayoguga njengengubo; kumelwe uziguqule njengengubo, futhi zizoguqulwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakubhubha lokhu, kepha uyakuma; yebo, kuyakuguga konke njengengubo; njengesambatho uyakukuguqula, kuguqulwe. IsiZulu 2020 Kuyobhubha lokhu, kodwa Wena uyokuma, konke kuyoguga njengengubo, njengesembatho, uyokuguqula kushabalale, |
UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ohlezi phakathi kwamakherubi, wena wedwa unguNkulunkulu wemibuso yonke yomhlaba; Wenze izulu nomhlaba.
Kepha wena Jehova uyakuba khona kuze kube phakade; nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.
UNkulunkulu wathi kuMose: NGINGENAKHO ENGIKHONA; wathi: Uzakutsho njalo kubantwana bakoIsrayeli ukuthi: UNGUYE ungithumile kini.
Lonke ibutho lezulu lizabhubha, lezulu lizagoqwa njengomqulu, lebutho lonke lalo lizawa njengehlamvu eliwa emvinini, lanjengekhiwane eliwa emkhiwaneni.
Phakamiselani amehlo enu emazulwini, nibheke emhlabeni phansi, ngokuba amazulu ayoshabalala njengomusi, nomhlaba uyoguga njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe kanjalo; kepha insindiso yami iyoba phakade, nokulunga kwami akuyikuchithwa.
Ngokuba bhekani, ngiyadala amazulu amasha nomhlaba omusha, futhi okokuqala ngeke kucatshangwe noma kufike emqondweni.
Ngokuba njengalokhu izulu elisha nomhlaba omusha engiyakuwenza kuyakuma phambi kwami, usho uJehova, kanjalo kuyakuma inzalo yenu negama lenu.
Ngoba okudaliweyo kwabekwa ngaphansi kobuze, kungeyisikho ngokuthanda, kodwa ngaye owakuthobisayo ethembeni;
Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekela ubuso bakhe nezulu; kabafunyanwanga indawo yabo.
Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile; ulwandle lwalungasekho.