Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 102:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngathi: “Nkulunkulu wami, ungangisusi phakathi nezinsuku zami; Iminyaka yakho isukela ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngithi: “Nkulunkulu wami, ungangisusi enxenyeni yezinsuku zami; iminyaka yakho isezizukulwaneni ngezizukulwane.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngithi: “Nkulunkulu wami, uze ungangithathi ngisemncane, Wena ominyaka yakho ihlezi izizukulwane ngezizukulwane.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 102:24
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bhekani, uNkulunkulu mkhulu, kepha asimazi, nenani leminyaka yakhe alinakulandelwa.


Kepha wena Jehova uyakuba khona kuze kube phakade; nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ngiyekeleni, ukuze ngithole amandla ngaphambi kokuba ngisuke lapha, ngingabe ngisaba khona.


Koze kube nini, Jehova? uzocasha kuze kube phakade? intukuthelo yakho ivutha njengomlilo na?


Kepha uJehova uyakuma kuze kube phakade; umisile isihlalo sakhe sobukhosi ukwahlulela.


Wena Jehova, Nkulunkulu wami, oNgcwele wami, awungowaphakade na? ngeke sife. Jehova, wabamisela ukwahlulela; futhi, O Nkulunkulu onamandla, wabaqinisekisa ukuba baqondiswe.


UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo; nakuMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi;


Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, isho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nezayo, uMninimandla onke.