Bhekani, uNkulunkulu mkhulu, kepha asimazi, nenani leminyaka yakhe alinakulandelwa.
AmaHubo 102:24 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngathi: “Nkulunkulu wami, ungangisusi phakathi nezinsuku zami; Iminyaka yakho isukela ezizukulwaneni ngezizukulwane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngithi: “Nkulunkulu wami, ungangisusi enxenyeni yezinsuku zami; iminyaka yakho isezizukulwaneni ngezizukulwane. IsiZulu 2020 Ngithi: “Nkulunkulu wami, uze ungangithathi ngisemncane, Wena ominyaka yakho ihlezi izizukulwane ngezizukulwane. |
Bhekani, uNkulunkulu mkhulu, kepha asimazi, nenani leminyaka yakhe alinakulandelwa.
Kepha wena Jehova uyakuba khona kuze kube phakade; nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.
Ngiyekeleni, ukuze ngithole amandla ngaphambi kokuba ngisuke lapha, ngingabe ngisaba khona.
Koze kube nini, Jehova? uzocasha kuze kube phakade? intukuthelo yakho ivutha njengomlilo na?
Kepha uJehova uyakuma kuze kube phakade; umisile isihlalo sakhe sobukhosi ukwahlulela.
Wena Jehova, Nkulunkulu wami, oNgcwele wami, awungowaphakade na? ngeke sife. Jehova, wabamisela ukwahlulela; futhi, O Nkulunkulu onamandla, wabaqinisekisa ukuba baqondiswe.
UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo; nakuMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi;
Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, isho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nezayo, uMninimandla onke.