Ngalokho izizwe ziyakulesaba igama likaJehova, nawo onke amakhosi omhlaba inkazimulo yakho.
Khona abezizwe bayakulesaba igama likaJehova, amakhosi onke omhlaba inkazimulo yakho.
Yikhona abezizwe bezolesaba igama likaSimakade, namakhosi wonke omhlaba, inkazimulo yakho.
Yizwa wena ezulwini, endaweni yakho yokuhlala, wenze njengakho konke umfokazi akubiza ngakho, ukuze zonke izizwe zomhlaba zilazi igama lakho, zikwesabe njengabantu bakho u-Israyeli; ukuze bazi ukuthi iGama lakho libiziwe phezu kwalendlu engiyakhileyo.
Kwathi lapho ngizwa lawa mazwi, ngahlala phansi, ngakhala, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu;
Ngase ngithi kubo: “Niyakubona usizi esikulo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo kanjani namasango alo ashiswa ngomlilo; wozani sakhe ugange lwaseJerusalema, ukuze singabi yisihlamba.
Wathi enkosini: “Inkosi mayiphile kuze kube phakade; ubuso bami bungabi buhlungu ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba, uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo, na?
Onke amakhosi omhlaba ayakukudumisa, Jehova, lapho ezwa amazwi omlomo wakho.
Yebo, onke amakhosi ayakuwa phambi kwakhe; zonke izizwe ziyakumkhonza.
Zonke izizwe ozenzileyo zizakuza zikhuleke phambi kwakho, Nkosi; njalo ngizakhazimulisa ibizo lakho.
Bheka, uyakubiza isizwe ongasazi, nezizwe ezazingakwazi ziyakugijimela kuwe ngenxa kaJehova uNkulunkulu wakho nangenxa yoNgcwele ka-Israyeli; ngoba Udumisile.
Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini, athi: Imibuso yalelizwe isibe imibuso yeNkosi yethu, lekaKristu wayo; futhi iyakubusa kuze kube phakade naphakade.
Izizwe zabasindiswayo ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba aletha kuwo inkazimulo nodumo lwawo.