AmaHubo 101:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Amehlo ami ayakuba kwabathembekileyo ezweni ukuba bahlale nami; ohamba ngendlela epheleleyo nguyena oyakungikhonza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlaba ukuba bahlale nami; ohamba endleleni engenacala uyakungikhonza. IsiZulu 2020 Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlaba ukuze bahlale nami, ohamba endleleni engenacala, uyakungikhonza. |
Odelelekile emehlweni akhe; kodwa uyabahlonipha abamesabayo uJehova. Ofungayo kokwakhe angaguquki.
Amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.
Lapho ababi bevuka, abantu bayacasha; kepha uma bebhubha, abalungileyo bayanda.
Lapho olungileyo enegunya, abantu bayajabula; kepha lapho omubi ebusa, abantu bayalila.
Kumelwe bathathe amanye amatshe bawabeke endaweni yalawo matshe; futhi kumelwe athathe olunye udaka futhi alunameke indlu.
Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na?
Uma umuntu engikhonza, makangilandele; nalapho ngikhona, iyakuba khona nenceku yami; uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumdumisa yena.
Futhi uma ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginemukele kimi; ukuze lapho ngikhona, libe khona lani.
Baba, ngithanda ukuba labo onginike bona nabo babe nami lapho ngikhona; ukuze babone inkazimulo yami onginike yona, ngokuba wangithanda kungakasekelwa umhlaba.
Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, abe nguNkulunkulu wabo.