AmaHubo 1:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyobhubha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kodwa indlela yababi yobhubha. IsiZulu 2020 Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa. |
Ababi bayokubona badabuke; agedle amazinyo, ancibilike; isifiso sababi siyabhubha.
Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena wayazi indlela yami. Endleleni engangihamba ngayo bangibekela ugibe ngasese.
Ngabheka ngakwesokunene sami, ngabona, kepha kwakungekho muntu ongangazi; akakho onakekela umphefumulo wami.
UJehova uyabavikela abezizweni; uyasiza izintandane nabafelokazi, kepha indlela yababi uyayihlehlisa.
Wena sitha, incithakalo iphelile kuze kube nininini, uchithe imizi eyincithakalo; isikhumbuzo sabo sabhubha kanye nabo.
Kukhona indlela ebonakala ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.
UNkulunkulu unguJehova, uyinqaba elondekile ngosuku lwenhlupheko; futhi uyabazi abamethembayo.
Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, nendlela ibanzi eyisa ekubhujisweni, baningi abangena ngayo;
Nokho isisekelo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu: INkosi iyabazi abangabayo. Futhi, Wonke obiza ibizo likaKristu kadede ebubini.
Kepha laba, njengezilwane ezingenangqondo, ezizalelwe ukubanjwa zibhujiswe, bahlambalaza abangaziqondiyo; futhi bayobhubha nokubhubha ekonakaleni kwabo;
Uzalinda inyawo zabangcwele bakhe, lababi bazathuliswa ebumnyameni; ngoba ngamandla kakho ozanqoba.