Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abawudli umsipha wenyonga kuze kube namuhla, ngokuba wathinta esikhoxeni senyonga kaJakobe emsipheni oshwabeneyo.
AbAhluleli 8:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wenyuka lapho, waya ePhenuweli, wakhuluma kubo ngokunjalo; abantu basePhenuweli bamphendula njengalokho bamphendula abantu baseSukoti. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wenyuka lapho, waya ePhenuweli, wakhuluma kubo ngokunjalo; abantu basePhenuweli bamphendula njengabantu baseSukoti bebephendulile. IsiZulu 2020 Wenyuka lapho waya ePhenuweli, nakubo wabacela okufanayo, abantu basePhenuweli bamphendula njengabantu baseSukhothi. |
Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abawudli umsipha wenyonga kuze kube namuhla, ngokuba wathinta esikhoxeni senyonga kaJakobe emsipheni oshwabeneyo.
UJerobowamu wakha iShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, wahlala kulo; waphuma lapho, wakha iPnuweli.
Qalekisani iMerosi, isho ingelosi kaJehova, qalekisani abakhileyo kulo kamunyu; ngoba abazange bamsize uJehova, uJehova weza ukusiza ngokumelene namaqhawe.
Ngithathe yini isinkwa sami, namanzi ami, nenyama yami engiyihlabele abagundi bami, ngiyinike abantu engingabaziyo ukuthi bavelaphi na?