Ngakho kasidangali; kepha noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.
AbAhluleli 8:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 UGideyoni wafika eJordani, wawela, yena namadoda angamakhulu amathathu ayenaye bekhathele, kepha babaxosha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UGideyoni wafika eJordani, wawela, yena namadoda angamakhulu amathathu ayenaye, eyethile, esaxosha nokho. IsiZulu 2020 UGideyoni wafika eJordani waliwela namadoda angama-300 ayehamba nawo, bekhathele futhi befile yindlala. |
Ngakho kasidangali; kepha noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.
Masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
Athumba izikhulu ezimbili zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi; bambulala u-Orebi edwaleni lika-Orebi, uZebi wababulala esikhamweni sewayini sikaZebi, wabaxosha abakwaMidiyani, baletha ikhanda lika-Orebi nelikaZebi kuGideyoni phesheya kweJordani.
UNkulunkulu wanikela izikhulu zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi esandleni senu; futhi ngingenzani uma ngiqhathaniswa nawe? Intukuthelo yabo yehla kuye lapho esho lokhu.
Kepha uDavide waxosha, yena namadoda angamakhulu amane, ngokuba abangamakhulu amabili basala ngemuva, bekhathele bengenakuwela umfudlana iBesori.
UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngixoshe leliviyo na? ngiyakubafica, wathi kuye: “Xosha, ngokuba uyakuwafica nokuwafica, ubuyise konke ngaphandle kokulibala.