Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 8:28 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kanjalo amaMidiyani athotshiswa phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, kangangokuthi abazange baphinde baphakamise amakhanda abo. Izwe lathula iminyaka engamashumi amane emihleni kaGideyoni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

AbakwaMidiyani bathotshiswa kanjalo phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ababe besaphakamisa amakhanda abo. Izwe lathula iminyaka engamashumi amane ezinsukwini zikaGideyoni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

AbakwaMidiyani bathotshiswa phansi kwabakwa-Israyeli, abaphindanga babavukela. Izwe laba nokuthula iminyaka engama-40 ngezinsuku zikaGideyoni.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 8:28
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba bheka, izitha zakho ziyaxokozela, nabakuzondayo baphakamise amakhanda abo.


UJehova Sebawoti uyakumehlisela isiswebhu njengokushaywa kukaMidiyani ngasetsheni i-Orebi; nodondolo lwakhe lwaluphezu kolwandle, kanjalo uyakuluphakamisa njengomkhuba waseGibithe.


Ngokuba wephulile ijoka lomthwalo wabo nodondolo lwamahlombe abo, nozime lomcindezeli wabo, njengasosukwini lukaMidiyani.


Izwe laba nokuphumula iminyaka engamashumi amane. U-Otheniyeli indodana kaKenazi wafa.


Ngalokho uMowabi wathotshiswa ngalolo suku phansi kwesandla sika-Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.


Mazibhubhe zonke izitha zakho, Jehova, kepha abamthandayo mababe njengelanga lapho liphuma ngamandla alo. Izwe laphumula iminyaka engamashumi amane.


UGideyoni wenza ngayo ingubo, walibeka emzini wakhe e-Ofira; wonke u-Israyeli waphinga khona, yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.


UJerubali, indodana kaJowashi, wahamba wahlala endlini yakhe.


Athotywa amaFilisti, akaba esangena emkhawulweni wakwa-Israyeli; isandla sikaJehova saba phezu kwamaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli.