Kangakanani-ke ngongamukeli ubuso bezikhulu, futhi ongabheki ocebile kunompofu? ngoba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.
AbAhluleli 8:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho uSeba loSalimuna bebaleka, wabaxotsha, wathatha amakhosi amabili akwaMidiyani, uSheba loSalimuna, wayiduba impi yonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE OZeba noSalimuna babaleka, wabaxosha; wawabamba amakhosi omabili akwaMidiyani, oZeba noSalimuna, wachitha impi yonke. IsiZulu 2020 UZebha noZalimuna babaleka, kodwa wabahubha, wawabamba lawo makhosi amabili akwaMidiyani, amabutho wonke angenwa yingebhe. |
Kangakanani-ke ngongamukeli ubuso bezikhulu, futhi ongabheki ocebile kunompofu? ngoba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.
Izikhulu zabo zenze zibe njengo-Orebi noZebi, yebo, zonke izikhulu zabo zibe njengoSheba nanjengoSalimuna.
Ngakho ukubaleka kwejubane kuyakubhubha, nonamandla akayikuqinisa amandla akhe, neqhawe aliyikuzisindisa.
Ngabona amatende akwaKushani ecindezelwe, nezilenge zezwe lakwaMidiyani zithuthumela.
UGideyoni wakhuphuka ngendlela yabahlala ematendeni ngasempumalanga kwaseNoba naseJogibeha, wachitha impi, ngokuba impi yayihlezi.