AbAhluleli 6:36 - Contemporary Zulu Bible 2024 UGideyoni wayesethi kuNkulunkulu: “Uma ukhulula u-Israyeli ngesandla sami njengokusho kwakho, IBHAYIBHELI ELINGCWELE UGideyoni wathi kuNkulunkulu: “Uma uzakusindisa u-Israyeli ngesandla sami, njengalokho ukhulumile, IsiZulu 2020 UGideyoni wayesethi kuNkulunkulu: “Ukuze ngibone ukuthi uyakumkhulula yini u-Israyeli ngesandla sami njengoba ushilo; |
Wayesethi u-Isaya: “Kumelwe ukuba nalesi sibonakaliso esivela kuJehova, ukuthi uJehova uyakwenza lokho ekushilo: Isithunzi siya phambili izinyathelo eziyishumi noma sibuyele emuva izinyathelo eziyishumi na?”
Cela isibonakaliso kuJehova uNkulunkulu wakho; buza ekujuleni loba ekuphakameni phezulu.
Ngakho-ke iNkosi uqobo izakunika isibonakaliso; Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, iyibize ngokuthi u-Imanuweli.
Kwafika abaFarisi nabaSadusi, bamlinga bamcela ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini.
UJehova wambheka, wathi: “Hamba ngalawa mandla akho, futhi uzokhulula u-Israyeli esandleni sakwaMidiyani.” Angikuthumanga yini?
UJehova wasesithi kuye: Isibili ngizakuba lawe, njalo uzatshaya amaMidiyani njengomuntu munye.
Bheka, ngiyakubeka uboya bezimvu phansi; uma amazolo eboyeni kuphela, ome emhlabeni wonke ngaphandle, ngiyakwazi ukuthi uyakumhlenga u-Israyeli ngesandla sami, njengokusho kwakho.
Kepha uma besho njalo ukuthi: ‘Khuphukelani kithi; siyakukhuphuka, ngokuba uJehova uwanikele esandleni sethu, lokhu kuyakuba yisibonakaliso kithi.