UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho; wamakhela khona i-altare uJehova owabonakala kuye.
AbAhluleli 6:24 - Contemporary Zulu Bible 2024 UGideyoni wamakhela khona uJehova i-altare, walibiza ngokuthi: UJehova, ukuthula; kuze kube namuhla iseOfira lama-Abiyezeri. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UGideyoni wamakhela uJehova i-altare khona, waliqamba igama lokuthi iJehova Shalomi; kuze kube namuhla lisekhona e-Ofira lama-Abiyezeri. IsiZulu 2020 UGideyoni wamakhela uSimakade i-althare lapho, waliqamba wathi: uSimakade Ungukuthula. Kuze kube namuhla lisekhona lapho e-Ofira lama-Abhiyezeri. |
UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho; wamakhela khona i-altare uJehova owabonakala kuye.
Wasuka lapho wenyukela entabeni esempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi ngasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wabiza igama likaJehova.
U-Abrahama waqamba leyo ndawo ngokuthi: INkosi Jire; njengoba kuthiwa kuze kube lamuhla: Entabeni yeNkosi kuzalungiselelwa.
UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. Ngakho uJehova walithandazela izwe, futhi isifo sanqamuka kwa-Israyeli.
Wakha i-altare ngamatshe egameni likaJehova; wenza umsele nxazonke ze-altare, wawungalingana amaseya amabili embewu.
Khona-ke uJeshuwa, indodana kaJosadaki, nabafowabo, abapristi, noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, bakha i-altare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuze banikele phezu kwalo iminikelo yokushiswa njengokulotshiweyo emthethweni uMose umuntu kaNkulunkulu.
Ezinsukwini zayo uJuda uyohlengwa no-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama lakhe ayobizwa ngalo: INKOSI UBULUNGISA BETHU.
Ngalezo zinsuku uJuda uyokhululwa neJerusalema liyohlala lilondekile; yileli igama ayobizwa ngalo: UJehova ukulunga kwethu.
Kungaba yizilinganiso eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, igama lomuzi kusukela ngalolo suku lithi: UJehova ukhona.
Lawa angamadodana kaGileyadi: kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri; kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;
Sebefike emikhawulweni yaseJordani esezweni laseKhanani, abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase bakha khona i-altare ngaseJordani, i-altare elikhulu ukuba libukeke.
Kwathi ngangomuso abantu bavuka ekuseni, bakha khona i-altare, banikela ngeminikelo yokushiswa neminikelo yokubonga.
UGideyoni wenza ngayo ingubo, walibeka emzini wakhe e-Ofira; wonke u-Israyeli waphinga khona, yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.
UGideyoni indodana kaJowashi wafa esemdala, wembelwa ethuneni likaJowashi uyise e-Ofira lama-Abiyezeri.
Wayebuyela eRama; ngoba yayikhona indlu yakhe; wayala khona u-Israyeli; wamakhela khona uJehova i-altare.