Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, umnini wezulu nomhlaba.
AbAhluleli 5:24 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakubusiswa uJayeli phezu kwabesifazane, umkaHebhere umKheni, abusiswe phezu kwabesifazane etendeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Uyakubusiswa phezu kwabesifazane uJayeli umkaHebere umKheni, abusiswe phezu kwabesifazane basematendeni. IsiZulu 2020 “Ungobusisiwe kwabesifazane, Jayeli mkaHebhere umKheni, ungobusisiwe kwabesifazane abahlala emathendeni. |
Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, umnini wezulu nomhlaba.
Mnikeni ezinye zezithelo zezandla zakhe; nemisebenzi yakhe mayimdumise emasangweni.
Ingelosi yangena kuye, yathi: “Sawubona, wena ophiwe umusa, uJehova unawe; ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane.
Wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane, futhi sibusisiwe isithelo sesisu sakho.
USisera wabaleka ngezinyawo waya etendeni likaJayeli umkaHebhere umKheni, ngokuba kwakukhona ukuthula phakathi kukaJabini inkosi yaseHazori nendlu kaHebhere umKheni.
Wathi kuye: “Ngiphuzise ingcosana yamanzi; ngoba ngomile Futhi wavula ibhodlela lobisi futhi wamphuzisa wavala.