Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 5:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

Nihlalelani phakathi kwezibaya ukuze nizwe ukukhala komhlambi na? Ezigabeni zakwaRubeni kwakukhona ukuhlola okukhulu kwenhliziyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wahlalelani ezibayeni zezimvu ukuzwa ikhwelo lemihlambi na? Ngaseminonjaneni yakwaRubeni kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Wahlalelani esihulugwini ukuze uzwe ukukhala kwemihlambi na? Phakathi kwabomndeni wakwaRubeni kwakukhona okukhulu ukuzihlola ezinhliziyweni.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 5:16
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Isakare uyimbongolo enamandla elele phakathi kwemithwalo emibili;


Yesabani, ningoni; khulumani nenhliziyo yenu embhedeni wenu, nithule. Sela.


Noma ulala phakathi kwezimbiza, uyakuba njengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva nezimpaphe zalo ngegolide eliphuzi.


Ebusuku ngikhumbula ukuhlabelela kwami, ngikhuluma enhliziyweni yami, nomoya wami ukufunisisa.


Zakheleni imizi yabantwana benu nezibaya zezimvu zenu; wenze okuphuma emlonyeni wakho.


Wayesethi uMose kubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaRubeni: “Abafowenu bayakuya empini, nihlale lapha na?”


Ngokuba bonke bazifunela okwabo, kungengokukaJesu Kristu.


abakuphela kwabo kungukubhujiswa, abaNkulunkulu wabo uyisisu sabo, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abanaka izinto zasemhlabeni.


Izikhulu zakwa-Isakare zazinoDebora; yebo, u-Isakare kanye noBharaki; wathunyelwa ngezinyawo esigodini. Ezigabeni zakwaRubeni kwakukhona imicabango emikhulu yenhliziyo.