AbAhluleli 5:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nihlalelani phakathi kwezibaya ukuze nizwe ukukhala komhlambi na? Ezigabeni zakwaRubeni kwakukhona ukuhlola okukhulu kwenhliziyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wahlalelani ezibayeni zezimvu ukuzwa ikhwelo lemihlambi na? Ngaseminonjaneni yakwaRubeni kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo. IsiZulu 2020 Wahlalelani esihulugwini ukuze uzwe ukukhala kwemihlambi na? Phakathi kwabomndeni wakwaRubeni kwakukhona okukhulu ukuzihlola ezinhliziyweni. |
Noma ulala phakathi kwezimbiza, uyakuba njengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva nezimpaphe zalo ngegolide eliphuzi.
Ebusuku ngikhumbula ukuhlabelela kwami, ngikhuluma enhliziyweni yami, nomoya wami ukufunisisa.
Zakheleni imizi yabantwana benu nezibaya zezimvu zenu; wenze okuphuma emlonyeni wakho.
Wayesethi uMose kubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaRubeni: “Abafowenu bayakuya empini, nihlale lapha na?”
abakuphela kwabo kungukubhujiswa, abaNkulunkulu wabo uyisisu sabo, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abanaka izinto zasemhlabeni.
Izikhulu zakwa-Isakare zazinoDebora; yebo, u-Isakare kanye noBharaki; wathunyelwa ngezinyawo esigodini. Ezigabeni zakwaRubeni kwakukhona imicabango emikhulu yenhliziyo.