UJehova uNkulunkulu wenu akanani na? Akaniphumuzanga na? ngokuba unikele esandleni sami abakhileyo ezweni; izwe lanqotshwa phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe.
AbAhluleli 4:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wamnqoba uJabini inkosi yaseKhanani ngalolo suku phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalolo suku uNkulunkulu wamnqoba uJabini inkosi yaseKhanani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. IsiZulu 2020 Ngalolo lusuku uNkulunkulu wamnqoba uJabhini, inkosi yamaKhanani, phambi kwabakwa-Israyeli. |
UJehova uNkulunkulu wenu akanani na? Akaniphumuzanga na? ngokuba unikele esandleni sami abakhileyo ezweni; izwe lanqotshwa phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe.
Abantwana bangena, balidla izwe, wabanqoba abakhileyo ezweni, amaKhanani, phambi kwabo, wabanikela esandleni sabo, namakhosi abo, nabantu bezwe, ukuba benze kanjalo. Njengoba bebengenza.
Bengiyozithobisa masinyane izitha zabo futhi ngibuyisele isandla sami phezu kwabamelene nabo.
Nxa izinto zonke sezithotshiselwe phansi kwakhe, khona nayo iNdodana iyakuzithoba phansi kwalowo owabeka zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kukho konke.
abathi ngokholo banqoba imibuso, benza ukulunga, bazuza izithembiso, bavala imilomo yezingonyama;
Bheka, uBaraki esaxosha uSisera, uJayeli waphuma ukumhlangabeza, wathi kuye: “Woza, ngikubonise umuntu omfunayo.” Lapho engena etendeni lakhe, bheka, uSisera wayelele efile, isikhonkwane sisethempelini lakhe.
Isandla sabantwana bakwa-Israyeli saqhubeka saba namandla phezu kukaJabini inkosi yaseKhanani baze bamchitha uJabini inkosi yaseKhanani.