AbAhluleli 4:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wabathengisa esandleni sikaJabini inkosi yaseKhanani, owayebusa eHasori; induna yakhe kwakunguSisera, owayehlala eHaroshethi labezizwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wathengisa ngabo esandleni sikaJabini inkosi yaseKhanani, owabusa eHasori, onduna yempi yakhe yayinguSisera owahlala eHarosheti labezizwe. IsiZulu 2020 Ngakho-ke uSimakade wabanikela esandleni sikaJabhini, inkosi yaseKhanani, owayebusa eHazori, umkhuzi wempi yakhe kwakunguSisera owayehlala eHaroshethi labezizwe. |
Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso kanyoko, engamala na? Kumbe ngubani kwabakweletayo engithengise kuye? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangenxa yeziphambeko zenu unyoko walahlwa.
Kodwa njengoba ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, nomkayo, nabantwana, nakho konke anakho, kukhokhwe.
Kwathi uJabini inkosi yaseHasori ekuzwa lokho, wathumela kuJobabe inkosi yaseMadoni, nasenkosini yaseShimroni, nasenkosini ka-Asafa,
Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni samaFilisti nasesandleni sabantwana bakwa-Amoni.
USisera wabutha zonke izinqola zakhe, izinqola zensimbi ezingamakhulu ayisishiyagalolunye, nabo bonke abantu ababenaye, kusukela eHarosheti labezizwe kuze kufike emfuleni iKishoni.
Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe, yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba; akwasala muntu.
Lapho sebekhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori, nasesandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo.