Izoni maziqedwe emhlabeni, kungabe kusaba khona ababi. Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Dumisani uJehova.
AbAhluleli 4:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe, yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba; akwasala muntu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe; yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba, akwasala muntu. IsiZulu 2020 UBharaki waxosha amabutho agibele ezinqoleni nahamba ngezinyawo kwaze kwaba seHaroshethi labezizwe. Yonke impi kaSisera yafa ngenkemba, akwasala namunye. |
Izoni maziqedwe emhlabeni, kungabe kusaba khona ababi. Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Dumisani uJehova.
Amanzi abuya, asibekela izinqola, nabamahhashi, nempi yonke kaFaro eyangena elwandle emva kwawo; akwasala ngisho noyedwa kubo.
okhipha inqola, nehhashi, nempi, namandla; bayakulala phansi kanyekanye, abayikuvuka;
Ngokuba ukwahlulela okungenasihawu uyakuba nomusa; nesihawu siyathokoza ekwahlulelweni.
UJehova wabavusa phambi kuka-Israyeli, wababulala eGibeyoni ngokuceka okukhulu, wabaxosha endleleni ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.
UJehova wabanikela esandleni sakwa-Israyeli, wabanqoba, wabaxosha kwaze kwaba seSidoni elikhulu, naseMisirefotimayimi, nasesigodini saseMispa ngasempumalanga; futhi babahlula kwaze kwasala noyedwa.
USisera wabaleka ngezinyawo waya etendeni likaJayeli umkaHebhere umKheni, ngokuba kwakukhona ukuthula phakathi kukaJabini inkosi yaseHazori nendlu kaHebhere umKheni.
UJehova wabathengisa esandleni sikaJabini inkosi yaseKhanani, owayebusa eHasori; induna yakhe kwakunguSisera, owayehlala eHaroshethi labezizwe.