Izwe laba nokuphumula iminyaka engamashumi amane. U-Otheniyeli indodana kaKenazi wafa.
AbAhluleli 3:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalokho uMowabi wathotshiswa ngalolo suku phansi kwesandla sika-Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMowabi wathotshiswa kanjalo ngalolo suku phansi kwesandla sakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisihiyagalombili. IsiZulu 2020 Kusukela ngalolo lusuku abakwaMowabi baba ngaphansi kwesandla sabakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula, iminyaka engama-80. |
Izwe laba nokuphumula iminyaka engamashumi amane. U-Otheniyeli indodana kaKenazi wafa.
Babulala ngaleso sikhathi amadoda akwaMowabi kungathi izinkulungwane eziyishumi, onke amaqhawe namaqhawe; akwaphunyuka muntu.
Emva kwakhe kwaba nguSamgari indodana ka-Anati owabulala kumaFilisti amadoda angamakhulu ayisithupha ngociko lwenkabi; wasindisa no-Israyeli.
Mazibhubhe zonke izitha zakho, Jehova, kepha abamthandayo mababe njengelanga lapho liphuma ngamandla alo. Izwe laphumula iminyaka engamashumi amane.
Igama lalowo muntu lalingu-Elimeleki, igama lomkakhe lalinguNawomi, namagama amadodana akhe amabili ayengoMagiloni noKiliyoni, ama-Efrata aseBetlehema Juda. Bafika ezweni lakwaMowabi, bahlala khona.