UDavide wasina ngamandla akhe onke phambi kukaJehova; uDavide wayebhince indwangu yamahlombe yelineni.
AbAhluleli 21:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bhekani, bhekani, lapho amadodakazi aseShilo ephuma ukugida, niphume ezivinini, nizithabathele, kube yilowo nalowo umkakhe emadodakazini aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nibone: bhekani, uma amadodakazi aseShilo ephuma ukusina lapho kusinwa khona, anophuma ezivinini, nizibambele, kube yilowo nalowo umkakhe kuwo amadodakazi aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini. IsiZulu 2020 niqaphe, lapho amadodakazi aseShilo ephuma ukuba azosina, anophuma ezivinini, kube yilowo azithwalele umfazi ezintombini zaseShilo, nibuyele kwaBhenjamini. |
UDavide wasina ngamandla akhe onke phambi kukaJehova; uDavide wayebhince indwangu yamahlombe yelineni.
UDavide wayesethi kuMikhali: “Kuphambi kukaJehova owangikhetha phambi kukayihlo naphambi kwendlu yakhe yonke ukuba angimise ngibe ngumbusi phezu kwabantu bakaJehova kwa-Israyeli; ngalokho ngiyakudlala phambi kukaJehova.
UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma bamlandela bephethe izigubhu nokusina.
isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokulila nesikhathi sokusina;
Buya, buya, Shulamiti! buya, buya, ukuze sikubheke. Yini ozoyibona kumShulami? Iqembu lamabutho amabili, njengokungathi.
Khona intombi iyakujabula ekusineni, izinsizwa namaxhegu kanyekanye, ngokuba ngiyakuphendula ukulila kwabo kube-yinjabulo, ngibaduduze, bajabule ngokudabuka kwabo.
Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni abo;
UJefta wafika endlini yakhe eMispa; futhi wayezelwe yedwa; ngaye wayengenandodana nandodakazi.
Lapho befika, lapho uDavide ebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke yakwa-Israyeli, behlabelela futhi besina ukuhlangabeza inkosi uSawule ngezigubhu nokujabula nezinsimbi zokubethwa.