AbAhluleli 21:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bafumana kwabakhileyo eJabeshi kwaGileyadi izintombi ezingamakhulu amane, okwakungaziwa muntu ngokulala nendoda; babayisa ekamu eShilo esezweni laseKhanani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bafumana phakathi kwabakhileyo eJabeshi Gileyadi izintombi ezintsha ezingamakhulu amane ezingazanga ndoda ngokulala nayo; baziyisa ekamu* eShilo elisezweni laseKhanani. IsiZulu 2020 Bafumana phakathi kwezakhamuzi zaseJabheshi Gileyadi izintombi ezimsulwa ezingama-400 ezingayazi indoda, beza nazo enkanjini eShilo, eKhanani. |
Kodwa khathesi hambani liye endaweni yami eyayiseShilo, lapho engabeka khona ibizo lami kuqala, libone engakwenzayo kuyo ngenxa yobubi babantu bami uIsrayeli.
Inhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwabo.
Abantwana bakwa-Israyeli basebezilungisa, bakhuphukela endlini kaNkulunkulu, bacela iseluleko kuNkulunkulu, bathi: “Ngumuphi kithi ozokhuphukela kuqala ukulwa nabantwana bakwaBenjamini na?” UJehova wathi: “UJuda makakhuphuke kuqala.”
Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka bakhala phambi kukaJehova kwaze kwahlwa, bacela iseluleko kuJehova bathi: “Ngiphinde ngenyuke ngiyokulwa nabantwana bakwaBhenjamini, umfowethu na?” Khona-ke uJehova wathi: “Khuphukani ngiyokulwa naye.
Nansi into eniyakuyenza: niqalekise bonke abesilisa nabo bonke abesifazane abake balala nendoda;
Ibandla lonke lathuma ukukhuluma nabantwana bakwaBenjamini ababesedwaleni laseRimoni, ukuba bababizele ukuthula.
Basebesithi: Ngubani ezizweni zakoIsrayeli ongakhuphukelanga eNkosini eMispa? bheka, kwakungekho muntu ekamu laseJabeshi kwaGileyadi emva kokuhlangana.