Ukube uJehova Sebawoti ubengasishiyelanga insali encane, ngabe sifana neSodoma, sifana neGomora.
AbAhluleli 20:47 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha abantu abangamakhulu ayisithupha baphenduka, babalekela ehlane edwaleni lakwaRimoni, bahlala edwaleni lakwaRimoni izinyanga ezine. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha abantu abangamakhulu ayisithupha baphenduka, babalekela ehlane edwaleni lakwaRimoni, bahlala edwaleni lakwaRimoni izinyanga ezine. IsiZulu 2020 Kepha angama-600 aphendukela ngasehlane, abalekela edwaleni likaRimoni, ahlala lapho izinyanga ezine. |
Ukube uJehova Sebawoti ubengasishiyelanga insali encane, ngabe sifana neSodoma, sifana neGomora.
O Jehova, noma sifakaza ukungalungi ngathi, kwenze ngenxa yegama lakho; ngokuba izizono zethu ziningi; sonile kuwe.
Jehova, ngizwile izwi lakho, ngesaba; Jehova, mawuphile umsebenzi wakho phakathi kweminyaka, wazise phakathi kweminyaka; olakeni khumbula umusa.
Izwe lonke liyakuguqulwa libe njengethafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni eningizimu yeJerusalema; liyophakanyiswa, lihlalwe endaweni yalo, kusukela eSangweni lakwaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lokuqala, kuze kufike eSangweni Legumbi naseMbhoshongweni. Kusukela kuHananeli kuze kufike ezikhamweni zewayini zenkosi.
Bonke abawa ngalolo suku kwaBenjamini babe ngamadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ahlome inkemba; bonke babengamadoda anesibindi.
Amadoda akwa-Israyeli abuyela kubantwana bakwaBenjamini, ababulala ngosiko lwenkemba, namadoda akuleyo naleyo mizi, njengezilwane, nabo bonke abafika esandleni; bathungela yonke imizi ngomlilo abafike kukho.
Ibandla lonke lathuma ukukhuluma nabantwana bakwaBenjamini ababesedwaleni laseRimoni, ukuba bababizele ukuthula.