Abanye abantwana bakwaMerari banikwa esizweni sakwaZebuloni: iRimoni namadlelo alo, neThabhori namadlelo alo.
AbAhluleli 20:45 - Contemporary Zulu Bible 2024 Baphenduka babalekela ehlane edwaleni lakwaRimoni; baxosha baze bafika eGidomi, babulala kubo abayizinkulungwane ezimbili. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Baphenduka babalekela ehlane edwaleni lakwaRimoni; bakhothoza kubo emendweni abantu abayizinkulungwane eziyisihlanu, babaxosha kwaze kwabaseGideyomu, babulala kubo abantu abayizinkulungwane ezimbili. IsiZulu 2020 Lapho bephenduka bebalekela ehlane, edwaleni likaRimoni, kwacoboshiswa abayizi-5 000 emigwaqweni emikhulu. Baxoshwa kwaze kwaba seGidomi, kwabulawa izi-2 000 zabo. |
Abanye abantwana bakwaMerari banikwa esizweni sakwaZebuloni: iRimoni namadlelo alo, neThabhori namadlelo alo.
Izwe lonke liyakuguqulwa libe njengethafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni eningizimu yeJerusalema; liyophakanyiswa, lihlalwe endaweni yalo, kusukela eSangweni lakwaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lokuqala, kuze kufike eSangweni Legumbi naseMbhoshongweni. Kusukela kuHananeli kuze kufike ezikhamweni zewayini zenkosi.
neLebawoti, neSilehimi, ne-Ayini, neRimoni; yonke imizi ingamashumi amabili nesishiyagalolunye nemizana yayo;
Kwawa kwaBenjamini amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke babengamadoda anesibindi.
Bonke abawa ngalolo suku kwaBenjamini babe ngamadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ahlome inkemba; bonke babengamadoda anesibindi.
Ibandla lonke lathuma ukukhuluma nabantwana bakwaBenjamini ababesedwaleni laseRimoni, ukuba bababizele ukuthula.