Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yabuthana njengomuntu munye kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.
AbAhluleli 20:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke abantu bakwa-Israyeli babuthana emzini, beboshiwe njengamuntu munye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantu bonke bakwa-Israyeli babehlanganyele umuzi, bebumbene kungathi ngumuntu munye. IsiZulu 2020 Wonke amadoda akwa-Israyeli abuthana ukuze ahlasele umuzi, ehlangene eyimbumba. |
Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yabuthana njengomuntu munye kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.
Siyakuthatha amadoda ayishumi kwayikhulu kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli, nekhulu enkulungwaneni nasenkulungwaneni ezinkulungwaneni eziyishumi, ukuba ahambe atholele abantu ukudla, abangakwenza lapho befika eGibeya. KwaBenjamini, njengakho konke ubuwula ababenza kwa-Israyeli.
Izizwe zakwa-Israyeli zathuma amadoda esizweni sonke sakwaBenjamini, ukuba athi: “Bububi buni lobu obenziwe phakathi kwenu na?
Bonke abantu basukuma njengamuntu munye, bathi: “Asiyikuya etendeni lakhe, futhi asiyikungena endlini yakhe.”
Kwathi eseqedile ukukhuluma loSawuli, umphefumulo kaJonathani wanamathela emphefumulweni kaDavida; uJonathani wamthanda njengomphefumulo wakhe.