Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu, kodwa kungengokokwazi.
AbAhluleli 19:29 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho efika endlini yakhe, wathatha ummese, wabamba isancinza sakhe, wasihlukanisa ngemilenze yaso saba izicucu eziyishumi nambili, wasithumela kuyo yonke imingcele yakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho esengenile endlini yakhe, wathatha umese, wabamba isancinza sakhe, wasihlahlela ithambo ngethambo, kwaba yizinqamu eziyishumi nambili, wasithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli. IsiZulu 2020 Lapho isifikile endlini yayo, yathatha ummese, yabamba isancinza sayo, yasiqoba izinqamu ezili-12, isitho ngesitho, yazithumela kuzo zonke izindawo zakwa-Israyeli. |
Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu, kodwa kungengokokwazi.
Wathatha izinkabi, wazihlahlela, wazithuma ngesandla sezithunywa kuwo wonke umkhawulo wakwa-Israyeli, wathi: “Ongaphumi ukulandela uSawule noSamuweli, kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe.” Ukwesaba uJehova kwehlela phezu kwabantu, baphuma nganhliziyonye.