AbAhluleli 19:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nokho kukhona utshani kanye nefolishi lezimbongolo zethu; kukhona futhi isinkwa newayini mina nencekukazi yakho nensizwa ekanye nezinceku zakho; ayintuli lutho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kukhona nokho utshani nefoliji* lezimbongolo zethu; mina-ke nginesinkwa newayini, kanjalo nencekukazi yakho nensizwa enathi, izinceku zakho; akusweleke lutho.” IsiZulu 2020 Sinabo utshani nefolishi lezimbongolo zethu; nginezinkwa newayini okungokwami nencekukazi yakho nensizwa nezinceku zakho. Asiswele lutho.” |
Ungabe usabanika abantu utshani bokwenza izitini njengakuqala; mabahambe bazibuthele utshani.
Wasebabizela phakathi, wabangenisa. Ngangomuso uPetru wahamba nabo, nabazalwane abathile baseJopha bamphelezela.
Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga, wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona. Futhi wasicindezela.
Lapho sebeseJebusi, usuku lwase ludlule; inceku yathi enkosini yayo: “Woza singene kulo muzi wamaJebusi, silale khona;
Wathi kuye: “Siyasuka eBetlehema Juda siya eceleni kwentaba yakwa-Efrayimi; Ngasuka lapho, ngaya eBetlehema Juda, kepha manje ngiya endlini kaJehova; futhi kakho ongamukela endlini.