Basebedabula inkundla; bahlala eGeba; URama uyesaba; IGibeya yabaleka ebusweni bukaSawule.
AbAhluleli 19:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi encekwini yakhe: “Woza sisondele kwenye yalezi zindawo, silale eGibeya noma eRama.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yayisithi encekwini: “Woza, sisondele kwenye yalezi zindawo; siyakulala eGibeya noma eRama.” IsiZulu 2020 Yayisithi encekwini yayo: “Woza, masizame ukufinyelela kwenye yalezi zindawo, ukuze silale eGibheya noma eRama.” |
Basebedabula inkundla; bahlala eGeba; URama uyesaba; IGibeya yabaleka ebusweni bukaSawule.
Vuthelani icilongo eGibeya, necilongo eRama; memeza kakhulu eBeti Aveni, emva kwakho, Benjamini!
neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeyati, neKiriyati; imizi eyishumi nane nemizana yayo. Leli laliyifa labantwana bakwaBhenjamini ngezizukulwane zabo.
Inkosi yakhe yathi kuye: “Asiyikusuka lapha, siye emzini womfokazi ongesiye owabantwana bakwa-Israyeli; siyakuwelela eGibeya.
Naye uSawule waya ekhaya eGibeya; kwahamba naye iviyo lamadoda anhliziyo yawo yayithinte uNkulunkulu.