Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 18:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

Bathi kuye: “Thula, ubeke isandla sakho emlonyeni wakho, uhambe nathi, ube ngubaba nompristi wethu; kungcono yini kuwe ukuba ube ngumpristi wendlu yomuntu oyedwa, noma ube ngumpristi wesizwe nesizukulwane sakwa-Israyeli na?

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bathi kuye: “Thula, ubeke isandla sakho emlonyeni wakho, uhambe nathi, ube ngubaba nompristi wethu; kuhle yini ukuba ube ngumpristi wendlu yomuntu munye kunokuba ube ngumpristi wesizwe nomndeni kwa-Israyeli na?”

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Athi kuye: “Thula! Vala umlomo wakho ngesandla, uhambe nathi, ube ngubaba wethu nomphristi. Kuhle yini kuwe ukuba ngumphristi wendlu yomuntu oyedwa kunokuba ube ngumphristi wesizwana nomndeni kwa-Israyeli, na?”

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 18:19
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Elisha wagula ngenxa yokugula afa ngakho. UJowashi inkosi yakwa-Israyeli wehlela kuye, wakhala izinyembezi ebusweni bakhe, wathi: “Baba, baba, nqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!


Inkosi yakoIsrayeli yasisithi kuElisha ibabona: Baba, ngibahlule yini? ngizobashaya.


Ngibhekeni, nimangale, nibeke isandla emlonyeni.


Izikhulu zenqaba ukukhuluma, zabeka izandla zazo emlonyeni wazo.


Uma wenze ngobuwula ngokuziphakamisa, noma ucebe okubi, beka isandla emlonyeni wakho.


Izizwe ziyakubona lokhu, zibe namahloni ngawo wonke amandla azo; bayakubeka isandla sabo emlonyeni wabo, izindlebe zabo ziyakuba yizithulu.


Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo, ngokuba munye uYihlo osezulwini.


UMika wayesethi kuye: “Hlala nami, ube ngubaba nompristi wami, ngikunike amashekeli ayishumi esiliva ngomnyaka, nengubo nokudla kwakho. Ngakho umLevi wangena.


Angena endlini kaMika, athatha isithombe esibaziweyo, nengubo yamahlombe, nezithixo zendlu, nesithombe esibunjiweyo. Wayesethi umpristi kubo: “Nenzani na?


Inhliziyo yompristi yathokoza, wathatha ingubo yamahlombe, nezithixo, nesithombe esibaziweyo, wangena phakathi kwabantu.