Kwaphuma lapho amadoda angamakhulu ayisithupha esizwe sakwaDani, evela eZora nase-Eshitawoli, ehlome izikhali zempi.
AbAhluleli 18:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Amadoda angamakhulu ayisithupha, ayehlome izikhali zempi, angabantwana bakwaDani, ayemi ekungeneni kwesango. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantu abangamakhulu ayisithupha bebhince izikhali zokulwa abangabantwana bakwaDani bema ngasesikhaleni sesango. IsiZulu 2020 Amadoda angama-600 akwaDani ayehlome ngezikhali ema ekungeneni kwesango. |
Kwaphuma lapho amadoda angamakhulu ayisithupha esizwe sakwaDani, evela eZora nase-Eshitawoli, ehlome izikhali zempi.
Aphambukela khona, afika endlini yensizwa, umLevi, endlini kaMika, ayibingelela.
Amadoda amahlanu ayehambile ukuhlola izwe akhuphuka angena khona athatha isithombe esibaziweyo nesembatho sasemahlombe nezithixo zendlu nesithombe esibunjiweyo; umpristi wema ekungeneni kwesango namadoda angamakhulu ayisithupha ahlome izikhali zempi.