U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bammbela entabeni yendodana yakhe uFinehasi, anikwa yona ezintabeni zakwa-Efrayimi.
AbAhluleli 17:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lowo muntu wasuka emzini waseBetlehema Juda ukuba agogobale njengowezizwe lapho engathola khona indawo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lowo muntu wamuka emzini, iBetlehema Juda, ukuyobona lapho engathola khona indawo; ekuhambeni kwakhe wafika ezintabeni zakwa-Efrayimi endlini kaMika. IsiZulu 2020 Leyo ndoda yawushiya umuzi iBhethlehema kwaJuda, ukuba iyohlala lapho yayingathola khona indawo. Yahamba yaze yafika endlini kaMikha kwelezintaba kwa-Efrayimi. |
U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bammbela entabeni yendodana yakhe uFinehasi, anikwa yona ezintabeni zakwa-Efrayimi.
UmLevi wavuma ukuhlala nalowo muntu; insizwa yaba njengenye yamadodana akhe kuye.
Kwakukhona insizwa yaseBetlehema Juda yesizwe sakwaJuda, engumLevi, yahlala khona njengowezizwe.
UMika wathi kuye: “Uvelaphi na?” Wathi kuye: “Mina ngingumLevi waseBetlehema Juda, ngisaya ukugogobala, lapho engingathola khona indawo.”
Kwasekusithi emihleni yokubusa kwabahluleli, kwaba khona indlala elizweni; Indoda ethile yaseBetlehema Juda yahamba yagogobala ezweni lakwaMowabi, yona nomkayo namadodana akhe amabili.