USamsoni wayesebiza uJehova, wathi: “Nkosi Jehova, ngikhumbule, ungiqinise kube kanye nje, Nkulunkulu, ukuze ngiphindisele kumaFilisti impindiselo yamehlo ami womabili.
AbAhluleli 16:29 - Contemporary Zulu Bible 2024 USamsoni wabamba izinsika ezimbili eziphakathi indlu eyayimi phezu kwazo wamisa phezu kwazo, enye ngesandla sokunene nenye ngesandla sakhe sobunxele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USamsoni wayesebamba izinsika ezimbili eziphakathi eyayimi ngazo indlu, wencika kuzo, kwenye ngesandla sokunene, kwenye ngesokhohlo. IsiZulu 2020 USamsoni wazibamba izinsika ezimbili eziphakathi, ezaziphase indlu, wencika kuzo, isandla sakhe sesokunene sikweyodwa insika nesokhohlo sikwenye. |
USamsoni wayesebiza uJehova, wathi: “Nkosi Jehova, ngikhumbule, ungiqinise kube kanye nje, Nkulunkulu, ukuze ngiphindisele kumaFilisti impindiselo yamehlo ami womabili.
USamsoni wasesithi: Ake ngife lamaFilisti. Wakhothama ngamandla akhe onke; indlu yawela phezu kwezikhulu naphezu kwabo bonke abantu ababe kuyo. Ngakho abafileyo ababulala ekufeni kwakhe babe baningi kunalabo ababulala esaphila.