Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 14:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

USamsoni noyise nonina baya eThimna, bafika ezivinini zaseThimna; bheka, ibhongo lengonyama lambhongela.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

USamsoni wayesehla noyise nonina, baya eThimna, bafika ezivinini zaseThimna; bheka, ibhongo lengonyama lamhlangabeza libhodla.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

USamsoni wayesehla noyise nonina, baya eThimna. Lapho befika esivinini eThimna, kwaqhamuka masinyane ibhongo lengonyama, leza kuye libhodla.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 14:5
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UBenaya, indodana kaJehoyada, indodana yendoda enesibindi, waseKabiseyeli, owenza izenzo eziningi, wabulala abantu ababili bakwaMowabi abanjengezingonyama;


UBenaya indodana kaJoyada indodana yendoda enesibindi waseKabiseyeli, owenza izenzo eziningi; wabulala izingonyama ezimbili zakwaMowabi; wehla, wabulala ingonyama emphandwini ngosuku lweqhwa.


Uyakunyathela ingonyama nebululu; kufanele unyathele ibhongo lengonyama nodrako.


Amabhongo ezingonyama abhonga, amemeza phezu kwakhe, enza izwe lakhe laba incithakalo; imizi yakhe yashiswa yangabi nabahlali.


abathi ngokholo banqoba imibuso, benza ukulunga, bazuza izithembiso, bavala imilomo yezingonyama;


Umkhawulo wasuka eBhahala ngasentshonalanga, waya entabeni yaseSeyiri, wadlulela eceleni kweNtaba iJeharimi eyiKesaloni ngasenyakatho, wehlela eBeti Shemeshi, wadlulela eThimna;


Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;


Kodwa uyise nonina babengazi ukuthi kwakuvela kuJehova ukuthi wayefuna ithuba lokumelana namaFilisti, ngoba ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.


UMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe ngamandla, waklebhula izinyane lembuzi, engenalutho esandleni sakhe; kodwa kabatshelanga uyise lonina lokho ayekwenzile.


Ngaphuma ngiyilandela, ngayishaya, ngayisindisa emlonyeni wayo; lapho ingivukela, ngayibamba ngentshebe ngayishaya ngayibulala.